LIYAQHUBEKA ELIKA MAPISA-NQANKULA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Kuyaqhubeka namhlanje ngoLwesihlanu, ukulalelwa kwecala lenkohlakalo elibhekene nowayenguSomlomo wePhalamende likaZwelonke, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, eNkantolo ePhakeme yasePitoli, eGauteng.

Lolu phenyo olushisayo luhambisana nokubuyela kofakazi wombuso oqavile ebhokisini, usomabhizinisi uNkk Nombasa Ntshondwa-Ndlovu, owayengusonkontileka woMnyango wezoKuvikela. UNtshondwa-Ndlovu utshele inkantolo ukuthi wagwaza kuMapisa-Nqakula owayenguNgqongqoshe wezokuVikela ngemali engu-R 4.5 million iyonke phakathi kuka-December 2016 no-July 2019.

Kuvela ukuthi imali engu-R2.1 million, kuleyo mali yayingukheshi owayenikezwa yena(Mapisa-Nqakula) ngqo ngezikhathi ezehlukene. Okunye kwale mali okwalandelayo kwasetshenziswa ukulungisa nokwakha kabusha umuzi kaMapisa-Nqakula oseGoli.

"Wafuna Isifumbathiso noma Ngibanjwe Inkuzi," kufakaza uNtshondwa-Ndlovu utshela uJaji Mashudu Munzhelele ukuthi nakuba kukhona usuku lapho abanjwa khona inkuzi eSpruitview emva kokukhipha imali engu-R200,000 wokugwaza, uMapisa-Nqakula akazange atshengise ukunyakaziswa ilokho, kodwa waqhubeka nokulindela isabelo sakhe

UNtshondwa-Ndlovu unikezwe isikhundla sokuba ufakazi ngaphansi kwesigaba 204 se-Criminal Procedure Act, okusho ukuthi uzokhululwa emacaleni uma ekhuluma iqiniso elifanele.

UMapisa-Nqakula, ophika yonke le mibandela, ubhekene namacala angu-12 enkohlakalo nelilodwa lokushushumbisa imali.