LIYAGQABUKA IGODA KUBASUNGULI BE JOYOUS


Sizwe Blose 

Kungase kugqabuke igoda phakathi kwabasunguli beJoyous Celebration. 

Leli qembu lomculo wokholo liqale ngo1994. 

Lisungulwe uLindelani Mkhize, uMthunzi Namba noJabu Hlongwana. Selikhiqize abaculi abaningi okubalwa kubo noSwazi Dlamini.

Kuvela ukuthi inkinga engase iholele ekutheni kuphele nge Joyous, ukungathembani kubasunguli baleli qembu. 

Umbiko welinye lamaphepha uveza ukuthi abanye abasunguli basola uLindelani ngokusebenzisa imali yaleli qembu budedengu. 

Lithi unokuthatha imali yeqembu ayifake kwi akhawunti yakhe, aphinde aqashe izimoto ngokungenasidingo, lapho ezibolekiswa khona nokunye. 

Kuyaqala jukuthi izindaba zaleli qembu ikakhulu zabasunguli ukuthi zinekelwe umphakathi ngalolu hlobo.
INews Avenue izamile ukuzikhulumela nabo mathupha kodwa yehluleka.