LITHWALE KANZIMA IPHINI LIKA MENGAMELI WE EFF ELISOLWA NGOKUDLWENGULA


 

SIZO BLOSE 

Uthwale kanzima oyiPhini likaMengameli we-EFF, uGordrich Gardee ngesikhathi eyobhonga emswaneni kwaMnuz David Mabuza owayeyiPhini likaMengameli wezwe kanjalo nele-ANC, odlule emhlabeni ngoLwesihlanu olwedlule. 

Bekulindeleke ukuthi kube uMengameli we-EFF ovakashela kwaMabuza namhlanje kodwa wagcina ethume iphini lakhe. 

 Inkinga iqale ngesikhathi uGardee ephendula imibuzo yezintatheli. 

 Uthe esachaza kamnandi indlela amazi ngayo uMabuza neqhaza labo njenge EFF ukumeseka ekubeni abe yiphini lika mengameli, kwavele kwaqhamuka intatheli ye-eNca evele yabuza uGardee ngentokazi ekusolakala ukuthi beyi yi-intern emsebenzini wakhe  okusolakala ukuthi uyidlwengulile nokusolwa ukuthi isabalalisa lezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana.
 UGardee wenze konke okusemandleni ukuwuvika umbuzo wentatheli. 

"Akusona isikhathi esikahle sokubuza imibuzo enjengalowo lesi, kumele sikhombise inhlonipho," kuzikhalela uGardee.
 Ugcine engaphendulanga lutho mayelana nalolu daba uGardee, kodwa wagxila kuMabuza.