LIPHINDE LAVELA IGAMA LIKA MOGOTSI


LINDOKUHLE NGCOBO 

SELIPHINDE lavela igama lika Brown Mogotsi kwiKhomishana kaJaji Madlanga, ePitoli ephenya ngokulawulwa kwamaphoyisa nokugxambukela kwesopolitiki. 

Igama lika Mogotsi livezwe  uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ongufakazi wokuqala kulesi sigcawu.  Le Khomishana  yasungulwa uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa ngemuva kwezikhalo ezavezwa uMkhwanazi esithangamini sabezindaba ngo July 6. Nokuyilapho uMkhwanazi aqala khona ukuveza igama likaMogotsi amchaza njengesigebengu esiyingozi.

Ethula ubufakazi uMkhwanazi uphinde waveza   ukuthi uMogotsi ungubhululu kaNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu 

UMkhwanazi uthi le ndoda ingumngani kaMchunu. Ezeseka ngelithi ngesikhathi uMogotsi exhumana naye(UMkhwanazi) wakhombisa ukuthi uhlezi noMchunu.

"Umphathi wabasebenzi wasehhovisi likaNgqongqoshe uMnuz Nkabinde wavuma ukuthi uyamazi uMogotsi. UNgqongqoshe uSenzo Mchunu waphika ephalamende ukuthi uyamazi uMogotsi kodwa  ngoMarch 2025, uMchunu watshela owesifazane owayeqopha ingxoxo yabo ukuthi uMogotsi umazi(Mchunu) njengelunga likaKhongolose.

"Waxhumana(UMogotsi) nami ngefoni ngo-September 2024 engixwayisa  ngokuthi ngizoxoshwa ngenxa yecala laseMpangeni. Angazi wayithola kuphi inombolo yami kamakhalekhukhwini. Okungixakayo wathi kimi ungowaseNorth West kodwa wakhuluma ngecala laKwaZulu-Natal eMpangeni okuyindawo esondelene nomuzi kaNgqongqoshe uSenzo Mchunu," kusho uMkhwanazi.