LIPHINDE LAHLEHLA ELALOWO OSOLWA NGOKUSOCONGA UFAKAZI D KWIMADLANGA
SELIPHINDE lahlehla icala lokubulala elibhekene noMatiphandile Sotheni, osolwa ngokudubula abulale ufakazi D kwiKhomishana kaMadlanga, uMarius van der Merwe. USotheni uvele kafushane namuhla eNkantolo kaMantshi waseBrapan, eNkantolo lapho ethule khona ummeli wakhe(Sotheni) omusha.
Kulindeleke ukuthi uSotheni owayeyiphoyisa, afake isicelo sakhe sebheyili uma esebuyala eNkantolo, ngoLwesihlanu mhlaka 24 April 2026.
UMarius ubulawe ngonyaka odlule (2025), ngesikhathi efika emzini wakhe osempumalanga yeGoli. Imoto okusolakala ukuthi yasetshenziswa ngesikhathi ebulawa (uMerwe), yatholakala ilaxazwe e-Alexander, eGoli.