LILOLIWE IZEMBE KWABE-IFP KUHULUMENI
LINDOKUHLE NGCOBO
BALENGELWA yizembe abathunywe i-IFP kuhulumeni, njengoba kuvela ukuthi bazokhishwa ezikhundleni uma bengawenzi ngendlela efanele umsebenzi.
Lokhu kudalulwe uMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa esithangamini sabezindaba ekomkhulu be-IFP, eThekwini namuhla.
Ekhuluma uHlabisa ukhumbuze abathunywe ileli qembu kuhulumeni ukuba basebenzele umphakathi ngobuqotho.
"Senza inhlababukhosi, kuwo wonke amakhansela ethu njenge-IFP nakoMeya bethu. Nakubo bonke esibathumile ukuthi sibabheke ngeso elibukhali. Sizimisele ukubalekelela kodwa uma bengenzi kahle asiyokunanaza ukuthatha isinqumo esizozwelana nesimo sabantu abadinga intuthuko," kubeka uHlabisa.
Lo mholi ukhulume kanje nje iqembu lakhe lixoshe obenguMeya kuMasipala waseJozini uMnuz uMfananaye Mathe, ngenxa yokuthi ngaphansi kobuholi bakhe uMkhandlu ubunezinkinga zezimali usuhluleka ukuholela abasebenzi. Njengamanje iqembu lithume uKhansela Nkosinathi Scelo Myeni onguMeya waloya Masipala. Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni konyaka i-IFP ichithe uMnuz Petros Ngubane kwesokuba uMeya kuMasipala wesiFunda uMzinyathi, njengoba sekunoMeya uKhansela uThembisile Mchunu. UNgubane usolwa ngokushaya udaka okwenza ukusebenza kwesiFunda kungahambi ngokohlelo.
UHlabisa uveze ukuthi ngenyanga ezayo(August ) ubuholi be-IFP buzoba nomhlangano wokubuyekeza umsebenzi nalabo elibathume koMasipala.