LILENGELA EWENI IKUSASA LIKA CARDOSO KWISUNDOWNS
LINDOKUHLE NGCOBO
LILENGELA eweni ikusasa likaMiguel Cardoso ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns. Njengoba kuvela ukuthi namuhla ubizelwe(uCardoso) emhlanganweni ophuthumayo wabaphathi beSundowns, mayelana nendlela iqembu elidlala ngayo.
Leli qembu laseChloorkop liphoxe abalandeli balo lishawe iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza izolo.
I-Sundowns esithathe isicoco seligi amahlandla angu-8 kulandelana, iyiqale ngezinga eliphansi le sizini, uma kuqhathaniswa namasizini edlule lapho ebiqoqa amaphuzu agcwele zisuka imidlalo ilandelana.
Lokhu sekuholele ekutheni abaphathi beDowns beshaya amakhala ngoCardoso, odlale ngokulingana neChippa United, Kaizer Chiefs neMarumo Gallants. Lo mqeqeshi waphinde wahluleka ukufinyelela kowamanqamu weMTN 8.
UCardoso uqale ukunuka iqaqa kubalandeli beBafana Ba'Style ngesikhathi leli qembu lishaywa iPyramids SC kowamanqamu weCAF Champions League. I-News Avenue yabika ngokugxekwa kwalo mqeqeshi ngesinqumo sokungadlalisi uThemba Zwane noPeter Shalulile.