LIHLEHLISIWE ELIKA NKOSI
LINDOKUHLE
Seliphinde lahlehliswa icala likaSergeant Fannie Nkosi oyiPhoyisa elisamisiwe emsebenzini. UNkosi uvele kafushane eNkantolo eNkulu yasePitoli namhlanje. INkantolo ilihlehlisele usuku lwango mhlaka 19 August 2026 icala likaNkosi, lapho kulindeleke ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala.
UNkosi ubhekene noxhaxha lwamacala okubalwa kuwo elokukhwabanisa, ukuntshontsha amadokhethi, ukushushumbisa izidakamizwa, ukutholakala nezikhali nemali eningi endlini yakhe. Kusolakala ukuthi wonke amacala abhekene noNkosi, uwenze ePitoli naseThohoyandou. UNkosi usagcinwe esitokisini ngemuva kokuhluleka ukuthola ibheyili, kusukela aboshwa ngo-April kulo nyaka.