LIHLEHLISELWE ULWESINE ELIKAMOGOTSI
LINDOKUHLE NGCOBO
USABHADLA esitokisini usomabhizinisi waseNorth West uBrown Mogotsi, kulandela ukuthi icala lakhe lihlehliselwe usuku lwangomhlaka 28 May 2026 ngoLwesine.
UMogotsi uvele eNkantolo yeMantshi yaseGoli, namhlanje. Ngesikhathi kuqhubeka isicelo sebheyili sikaMogotsi, umshushisi uveze incwadi efungelwe ngaphambi kwenkantolo, edalule ukuthi uMogotsi uzame ukugwazela iphoyisa eliphenya icala.
UMogotsi ubhekene namacala okuphazamisa
ukusebenza kwengalo yomthetho ngemuva kokuthi esolwa ngokuzenzela isigameko sokuhlaselwa nokuzama ukubulawa eVosloorus.
UMogotsi uyaziphika lezi zinsolo ujuywayefuna ukugwazela iphoyisa. Uthi amazwi akhe kungenzeka ukuthi aqondwe kabi. Lo somabhizinisi uboshwe ngemuva kobufakazo bakhe obudlangile kwiMadlanga Commission of Inquiry. Lapho ayebekwe khona amabala okuthi uqamba manga ngaphansi kwesifungo.