LIHLABANE NGEZINDONDO IGAGASI FM


SIZWE BLOSE 

Uhlabane ngezindondo ezinhlanu umsakazo ongenisa inzuzo Kwa?ulu Natal, iGagasi FM, kumaDurban Readers’ Choice Awards 2026  kanti liphinde lathola enye futhi kuma KZN Top Business Award  ango 2026 23 July.

Okhulumela lomsakazo uKhulekani Shandu uthe besekunesikhathi beqokwa kodwa bengawini kuyona yonke imikhakha abasuke beqokwe kuyona.
"Lonyaka usho lukhulu, umculo esiwudlalayo kusho ukuthi abantu bayawuthokozela, lezi zindondo ziwubufakazi okukubeka ngokusobala  ukwesekwa komsakazo. Akugcini lapho ngisho izinto esikhuluma ngazo kusho ukuthi abantu kumbe abalaleli bayahambisana nazo ,"kuchaza uShandu.
 Nampa abasakazi abazihlomulele imikomelo, kwiBest Local Radio Personality – ophumelele kube uSelbeyonce Mkhize • Best Local Radio Personality – 2nd Place: Felix Hlophe • Best Local Radio Station – 2nd Place: Gagasi FM • Best Local Radio Show – 2nd Place: The Uprising • Best Local Radio Show – 3rd Place:

 Umphathi womsakazo uMinenhle Dlamini wemukele indondo yeBest Local Radio Station.
"Asho lukhulu lama awards kuthina ngoba ahambisana nalokho okuthandwa  abalaleli bomsakazo.l, okuyibona ababalulekile kakhulu kuthina," kusho iMinenhle ngamafuthi.