LIBEKWE EKHAYA LOKUGCINA NGESIZOTHA IKATI
SIZO BLOSE
Ufihlwe ngesizotha uMnuz David Mabuza oke waba iPhini likaMengameli wezwe kanjalo nele- ANC.
UMabuza ufihlelwe efarm lakhe eBarberton, lapho okucelwe khona ukuthi kube ngamalungu omndeni wakhe kanjalo nomengameli wezwe nephini lakhe abazohambela lolo hlelo.
UMabuza ungcwatshwe ngokuka category 2, ngokuyalela kukaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa.
Ethula inkulumo yakhe uRamaphosa uthe, uDD okuyindlela abebizwa ngayo, ubengayena umuntu okhuluma kakhulu kodwa ubewumuntu owenzayo. Uthe izikhathi eziningi ubenza isiqiniseko sokuthi uyabonisana naye ngaphambi kokuthatha isinqumo. "Siphathane kahle noDD, ikati, kuleminyaka emihlanu sisebenza naye. Ngimthintile ngocingo ezinsukwini ngifuna umbono wakhe ngeNational Dialogue nathe uyayeseka kakhulu," kuchaza uRamaphosa.
Uthe bazomkhumbula kakhulu ngemizamo yakhe yokuhlanganisa inhlangano.
Usomabhizinisi odumile uRobert Gumede obengumngani omkhulu kaDD, uthe uyezwa abantu bekhuluma ngo 2017.
"Engingakusho ukuthi uDD wayekwazi ukuthatha isinqumo futhi ame kusona, okwenzeka ngo 2017, uDD wayekade asithatha isinqumo," kulandisa uGumede.
UDD uke waba uthisha isikhathi eside, efundisa izibalo.
UMengameli akabange esaluqedela uhlelo kodwa ucele Paul Mashatile oyiphini lakhe ukuthi awuqedele imcimbi wokutshalwa kukaDD odlule eneminyaka engu 64 ngenxa yokugula.