KWETHULWE I-NATAL SCHOOLS LEAGUE ETHEKWINI



Sompisi Ntuli

Namuhla i-Natal Schools League yethulwe e-Onomo Hotel, enkabeni yeTheku, ngaphansi kwesihloko, ‘Sibagoba nge diski.’

Lo mqhudelwano uzobandakanya amaqembu angu-16 avela ezindaweni ezahlukene zesifunda saseThekwini, okubalwa kuzo i-Durban South, Durban North, Durban Central, Durban West kanye ne-Durban Central.

Kulindeleke ukuthi lo mqhudelwano ubandakanye abadlali abaneminyaka ephakathi kuka-14 no-19 ubudala.

“Iphupho lethu lifezekile, ukuthi sikwazi ukwethula lo mqhudelwano, njengoba ibhola likanobhutshuzwayo liwumdlalo ohlanganisa umphakathi,” kusho u-Andile Caluza, umengameli we-Natal Schools League.

“Liyindawo enhle ezinganeni, abahloli bamakhono, futhi ukusiza ekulweni nezinkinga zomphakathi,” kuqhuba uCaluza.

Lo mqhudelwano okwamanje uzogxila ezikoleni zamabanga aphakeme  eThekwini.

“Thina njengeKwaZulu-Natal High Schools Football Association (KZNHSFA) silapha ukuzophakamisa, ukuxhasa, nokuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luyaqhubeka," kusho uSibongiseni Nzama, uNobhala Jikelele weKZHSFA.

Lo mqhudelwano uzosebenzisa uhlelo lapho abadlali bezobhaliswa besebenzisa izitifiketi zabo zokuzalwa kunokusebenzisa omazisi, ngenhloso yokubhekana nenkinga yokukhwabanisa ngeminyaka.

Kusazobonakala ukuthi iligi izoqala nini, njengoba kusenzeka izingxoxo phakathi kweNatal Schools League nezikole ezahlukene zamabanga aphezulu, ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zemidlalo aziphazamisani nezikhathi zezivivinyo.