KUZOTHI UKUQHUBEKA UKUNQAMUKA KWAMANZI ETHEKWINI


LINDOKUHLE NGCOBO 

Izakhamizi eziningi ezingaphansi kaMasipala waseThekwini zizohlushwa ukuphazamiseka kwamanzi kusukela namhlanje ekuseni kuze kube kusasa ngehora lesi-7 ekuseni.

OnguSihlalo weKomiti elibhekene naManzi nokuThuthwa kwendle eThekwini, uKhansela uMdu Nkosi, uthi lokhu kuphazamiseka kubangelwa umsebenzi wokulungiswa kwengqalasizinda, okwenziwa uMngeni-uThukela Water (UUW) eSikhungweni Sokuhlanza amanzi saseDurban Heights.


"Ukuvalwa kwamanzi kuyingxenye yephrojekthi yokulungisa izingxenye eziphakeme ze-Nagle Aqueducts 1 no-2. Lezi zimbobo ezinkulu zamanzi ziwumgogodla ohambisa amanzi angcolile eya eDurban Heights lapho ehlanjululwa khona bese ehanjiswa kuyo yonke imizi," kubeka uNkosi.

Izindawo ezizophazamiseka ilezi:
Aloes, Avoca, Phoenix, Mount Moriah, KwaMashu, Ntuzuma, Inanda, uMzinyathi, eTafuleni, Newlands, Effingham, Mountview, Trenance, Oaklands, Buffelsdraai, Parkgate, Amaoti, Lalucia, Gateway, Glenashely, Beachway, uMhlanga, Durban North, Seacow Lake, Springfield, Mt Edgecombe, Northdene, Queensburgh, Malvern, Chatsworth, Shallcross, Savannah Park, Ingxenye yaseNagina, KwaSanti, Mawelewele, Welbedatch East, Welbedatch West, Luganda, Inteke, Klaarwater, Montford, Risecliffe, Moorton, Crossmoor, Woodhurst, Arena Park, Umlazi, Nsimbini, Folweni, Golokodo, Westville, Dawncliffe, Pinetown, Sarnia, Ingxenye yaseWestville, Westmead, Nazareth, Klaarwater, Mosley Park, Cowies Hill, KwaDabeka, Clermont, Berkshire Downs naseNew Germany Industrial.