KUZOSWEKWA NGEPHINIFA KOWOKUBUNGAZA IMBOKODO
LINDOKUHLE NGCOBO
LIZOSHAYA ngelinye igiya iPhinifa & Sneakers Affair, ezoba ngosuku lwabantu besifazane ngoMgqibelo mhlaka 9 August, eMahobza's car wash and Shisanyama, KwaMashu.
Kulindeleke ukuthi bonke abesifazane abazohambela lo mcimbi ozobe wenzeka okokuqala, bahlobe ngengqephu yamaphinifa namateki.
Umgqugquzeli walo mcimbi uDJ 2Short utshele iNews Avenue ukuthi ufuna ukuhlanganisa abesifazane, babungaze usuku lwabo ngomculo njengoba kuzobe kunandisa uDJ C'ndo, DJ Happygal, DJ 2Short, Yayah, kanye no-Encore.
"Ngifuna kube usuku olumnandi kithi singabantu besifazane. Ngikhethe ingqephu yephinifa ngoba ngikholelwa ekutheni iPhinifa liyimpahla ebukeka ngesizotha kumuntu wesifazane. Ngifuna sibukake nesizotha nendlela enenhlonipho," kubeka uDJ 2Short
Kuzobe kungenwa mahhala kulo mcimbi, kanti ukungena necooler box kuzobiza inani lika-R120 kuphela.