KUZOQINISWA EZOKUPHEPHA EMCIMBINI I-HOLLYWOODBETS DURBAN JULY



LINDOKUHLE NGCOBO

Kuzoqiniswa ezokuphepha emcimbini womjaho wamahhashi i-Hollywoodbets Durban July, ozobanjelwa e-Hollywoodbets Greyville Racecourse, eThekwini, ngoMgqibelo mhlaka-4 kuJuly 2026.

Lokhu kuvezwe uMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni lo mcimbi kwabezindaba namhlanje, eShongweni Club, entshonalanga yeTheku.

Ekhuluma, uXaba uthe kubalulekile ukuthi iDolobha liqinise ezokuphepha ukuze zibe sesimeni esihle, kuqinisekiswe ukuphepha kwabazohambela lo mcimbi.

"Into enhle ukuthi lo mcimbi awugcini nje enkabeni yeTheku, kodwa uyafika nasemalokishini ethu. Labo abanezindawo zokulala siyabacela ukuthi bazivule, baziphathe kahle izivakashi zethu," kusho uXaba.

Lo mjaho wamahhashi uzohambisana nobungcweti bemfashini, njengoba sekuyisiko minyaka yonke.