KUZOQHWIZA UMENTSHISI KUVELA USIBIYA KWI AD HOC COMMITTEE NGOMSOMBULUKO


Kulindeleke ukuthi kuqhwize umentshisi ngoMsombuluko kwi-Ad hoc Committee njengoba kuzovela ULt Gen Shadrack Sibiya oyiphini likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke.

Kuyinto eyaziwa inoma ngubani ukuthi ubufakazi buka Sibiya buzophambana kakhulu kunalobo obethulwe nguLT General Fannie Masemola noLT Mkhwanazi obebubonakala bumcindezela uSibiya. 
Kulindeleke ukuthi uSibiya adalule amahlazo kaMkhwanazi kanjalo nakaMasemola.

Kwenzeka konke lokhu nje uSibiya usamisiwe emsebenzini kanti kade evakashelwe amaphoyisa kuleli sonto, afike athatha amafoni nezinye zezinto ezisebenza ngobuchwepheshe besimanje.

USibiya, uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe naye, uSenzo Mchunu, uNkabinde oyi Chief of Staff wamaphoyisa babonakala besohlangothini olulodwa bese kuthi uMasemola noMkhwanazi noGeneral Khumalo nabo basohlangothini oluthi aluhambisane, uma ulandela ubufakazi.

Omunye obhekwe ngabomvu kuleli komidi nakuMadlanga Commission, uBrian Mogotsi naye uzokube ephikisana nokushiwo uMkhwanazi.

IMadlanga Commission ithe ukuhlaba ikhefu ngeviki eledlule ngemuva kokuthi uGeneral Khumalo weCrime Intelligence avele waxinwa ukugula. Izoqhubeka ngoMsombuluko akukacaci ukuthi ubani ozokwethula ubufakazi ngenkohlakalo eyenzeka wmaphoyiseni.