KUZOQHULULWA AMAHLAYA KOWE-NIGHT WITH GRADUATES
LINDOKUHLE NGCOBO
KUZOQOPHEKA umlando emcimbini iNight with Graduates, ozoba ngoLwesihlanu mhlaka 25 July, eDropkicks Murphys Florida, eThekwini.
Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi kubungazwe abantu abaneziqu zeMfundo ePhakeme.
Umhleli walo mcimbi uThabiso "Moemish" Msomi ungusomahlaya othole iziqu ze-IT eDUT ngonyaka ka-2019. Uveze ukuthi lo mcimbi kuzoqhululwa amahlaya aqhakambisa impilo yezemfundo.
"Sifuna ukwakha okuhlukile hhayi ukubungaza kuphela abantu abaneziqu kodwa ukubanika ithuba lokuxhumana, ukukhululeka bekwazi ukujabula bahleke ngaphandle kombandela," esho.
Ephetha uthe kuzobungazwa impilo yakoNgqondonkulu nempilo yanganese.
Abazonandisa kulo mcimbi uMoemish, Gqonqa Mzambiya, Mmangaliso Mhlongo, Kwanda Radebe, Thami Dlamini, Ndu Nkosi noDJ Athandwa.
Amathikithi adayisa eWebtickets ngo-R100 kuphela. Abazohambela lo mcimbi kunxuswa ukuba bagqoke izimpahla ezikhululekile.