KUZOKHISHWA R600 MILLION UKUVIKELA ABANTU NGOMHLAKA 30 JUNE


LINDOKUHLE NGCOBO 

Obambe njengoNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uSolwazi Firoz Cachalia useveze ukuthi isabelomali esingaphezulu kuka-R600 million, sizosetshenziswa ukulungiselela nokuvikela izwe ngomhlaka-30 June 2026.

Lokhu kulandela imibhikisho yeMarch and March eholwa uJacinta Ngobese Zuma esekwa nguNgizwe Mchunu noNkosikhona "UPhakelumthakathi" Ndabandaba, elwisana nokufika kwabantu ezweni ngokungemthetho.

"Imali izophuma esikhwameni sombuso ukuqinisekisa ukuphepha nokuthi imibhikisho ayiphenduki udlame. Kuthunyelwe amaphoyisa amaningi ezindaweni ezibucayi ezweni lonke. Amanye amaphoyisa azosekelwa ngamasosha ezifundazweni ezihlukene," kuchaza uCachalia esithangamini sabezindaba, eGoli namhlanje. 

Eqhuba uveze ukuthi iGauteng, KwaZulu-Natal, i-Eastern Cape ne-Western Cape zibonakale njengezindawo okungenzeka kube nezinkinga kuzo.

Uphethe ngokuthi awukho emthethweni umnqamulajuqu obekelwa abantu bokufika. Uthe uhulumeni kuphela ovumelekile ukulawula abokufika.