KUZOHLONISHWA UMNTWANA WAKWAPHINDANGENE
LINDOKUHLE NGCOBO
LIZOPHENDULWA indawo yokuheha izivakashi iliba likaMntwana wakwaPhindangene, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, owabamba iqhaza kuhulumeni naseBukhosini boMdabu ngesikhathi enguNdunankulu wesizwe sakwaZulu. UButhelezi udlule emhlabeni ngomhlaka 9 September 2023.
Lokhu kumenyezelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli namuhla kwiMbizo yokulwa nobugebengu eGlebelands Hostel, eMlaza.
UNtuli udalule ukuthi iliba likaButhelezi lizophendulwa ifa lamagugu namasiko. Wathi le ndawo izovulwa ngokusemthethweni uhulumeni waseKZN ngomhlaka 27 August KwaPhingangene, Olundi okuwusuku lukaButhelezi lokuzalwa.
"Njengoba sahlonipha iliba leqhawe Inkosi u-Albert Luthuli, kanjalo nelika lowo owayenguMengameli kuleli uDkt Nelson Mandela nakuMntwana wakwaPhindangene sizokwenza njalo. Lana eMlaza ninomlando omkhulu ngaye(uMntwana wakwaPhindangene)," kusho uNtuli.