KUZOHLONISHWA AMACIKO EMZUMBE


KUZOHLONISHWA amaciko aseMzumbe,  emcimbini ozobe kungokokuqala ngqa uhlelwa, uMzumbe Maskandi Music Festival ozoba ngoJuni 16 ezinkundleni zemidlalo iSibanini, eMthwalume. 

Lezi zindaba zidalulwe umhleli womcimbi u- Amanda Eve Mseleku ngesikhathi kwethulwa ifestivali kwabezindaba. 

Uthe inhlosongqangi ngokuhlonipha uMjolisi nenkosi  yaseMthwalume uBhekizizwe Luthuli kuzokube kuwukuqhakambisa imisebenzi yabo emihle yokubeka indawo yaseMzumbe kwibalazwe. 

“Ngalomcimbi sihlele ukufukula amaciko asafufusa nawo azithole ngelinye ilanga esezingeni loBahubhe, oMjolisi nawo wonke lawa amanye amaciko asezingeni. Yingakho- ke sithe asisebenzisane nezinkampani ezisebenza namaciko. Inhloso yalokhu ukuthi angagcini nje kuphela esteji kodwa aphinde athole ithuba lokuncela ulwazi kulezi zinkampani futhi aqophe izingoma zawo ukuze nawo angene ngokuphelele emculweni,” kusho lentokazi. 

Uthe iSold Out Media kaXolani Majozi ngenye yezinkampani ezodlala indima enkulu ekufukuleni amaciko endawo. 

Phakathi kwabaculi abazoshiyelana inkundla kulomcimbi kubalwa uMenzi, Nkeshembe, Inkosi YamaGcokama, Khuzani, Ntencane namabanye. 

Umsunguli womcimbi uphinde waveza ukuthi endaweni yaseMthwalume kuzohlomula osomabhizinisi abehlukene okubalwa kubo osomatekisi, yilabo abanezindawo zokulala nalabo abanezindawo zokudlela. 

Amasango ayovulwa ngo- 9 ekuseni. Kanti amathikithi ayatholakala eWebtickets, nasezitolo zegilosa eBoxer nasePick n Pay kusukela R130, R150 nango- R1500. 

Imenenja yezokuxhumana kuMasipala waseMzumbe uMnuz Sabelo Ncwane uwamukele ngezandla ezivulekile umcimbi. Uthe kuyajabulisa ukuthi kwethulwe umcimbi onezinhlelo zokulekelela amaciko nosomabhizinisi bendawo.