KUZOFUNDISWA INTSHA NGOMLANDO WESINTU KWAMAPHUMULO


 

IZOBUNGAZWA ngelinye igiya inyanga yamasiko endaweni yaKwaMaphumulo, enyakatho neKwaZulu-Natal. Njengoba kuzoba nomcimbi wezinsuku ezintathu wokufundisa kabanzi abantu abasha ngamasiko nangomlando wesintu. 

Lo mcimbi obizwa ngokuthi iYouth to Celebrate Heritage and African New Year, uzokuba ngomhlaka 19 kuya ku-21 September 2025 KwaMbonambi Hall, eMaMbedwini. Lo mcimbi uhlelwe uSabelo Ndimande wenhlangano Isabelo Sempumelelo Foundation ngokubambisane  nenhlangano i-Institute of Africology.

"Ukuze uqhubekele phambili ngempilo kumele wazi lapho osuka khona. Indawo yaKwaMaphumulo inomlando onothile esizweni njengoba iSilo uShaka kaSenzangakhona sasihlala lapha," kubeka uNdimande ongowokudabuka KwaMaphumulo.

Eqhuba uNdimande uthe kulo mcimbi kumenywa intsha ephakathi kweminyaka engu-16 kuya kwengu-35.