KUZOCACA KUSASA NGOMGCAGCO WESILO NOMAMYENI



KULINDELEKE ukuthi kucace kusasa ngoLwesihlanu ngomgcagco weNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini noNksz uNomzamo Myeni.

Ngokusho kukaMaMyeni esitatimendeni esikhishwe inhlangano yakhe engenzi nzuzo, iSizowakha okaZulu Foundation, uthi uyaqhubeka umgcagco wakhe noBayede . Waveza ukuthi kusasa kuzoba noMkhehlo eJozini  Stadium,  eJozini  ngehora lesi-10 ekuseni. 

Wathi udwendwe luzoba ngeSonto esigodlweni KwaKhangelamankengane, KwaNongoma.

Lolu dwendwe lumenyezelwe esizweni nguMntwana uGobizizwe Zulu ongumkhongi omkhulu. Nakuba kunjalo, Okhulumela iSilo neNdlunkulu kaZulu uMntwana uThulani Zulu waseZibindini uthi nguyena kuphela owathulwa iMbube ukuthi  akhukumele iSilo neNdlunkulu kaZulu, akekho omunye osaphakanyisiwe.

"Konke okuqhamuka eNdlunkulu noma kwiNdlulamithi imina kuphela onelungelo lokukwethula esizweni," kubeka uMntwana uThulani. 

Lokhu kushiye isizwe sididekile njengoba namanje uMntwana uThulani engayikhulumi eyokugcagcelwa kweNgonyama.