KUZOBA NZIMA KAKHULU KWI VOTE OF NO CONFIDENCE
Umhlaziyi wepolitiki uthi akekho umuntu onesiqiniseko ngokuzokwenzeka mhlaka 15. Ngalolu suku kulindeleke ukuthi iMKP iphakamise ivoti lokungamthembi uNdunankulu wesifundazwe uThami Ntuli.
USolwazi Mngomezulu uthe inzima kakhulu lento ezokwenzeka ngesonto elizayo.
Uthe uma kungukuthi i-EFF iyangena yeseka iMKP, kanti neNFP iyakwazi ukuxoxisana noMEC Mbali Shinga ukuthi avote neMKP kanjalo ne- EFF, lokhu kobe kusho ukuthi, kuzoba u40 ngapha nangapha.
IMKP njengamanje inezihlalo ezingu 37 uma ijoyinwa i-EFF nezingu 2 zizoba u39 uma uShinga engena nele NFP elilodwa zizoba ngu-40 okuzobe kusho ukuthi sebeyalingana ne DA, IFP ne-ANC. Akwaziwa ukuthi ukuthi kuzobe sekwenzakalani ngemuva kwalokho.
Kuphinda kuvele ukuthi ngeke uwathembe amanye amalungu e-ANC anganeme ngeGPU. Ikakhulukazi uma kuzoba yivoti eliyimfihlo.