KUZOBA NOKUVALWA KWEMINYE YEMIGWAQO


Izovalwa okwesikhashana indawo ephumela ku-M13 eParadise Valley (Exit 17), lokhu kuqinisekiswe inkampani yezomgwaqo kuzwelonke i-Sanral. Le nkampani idalule ukuthi isezinhlelweni zokufaka izinsiza zokunweba ibhuloho (deck widening cantilever edge support).

Lo mgwaqo uzovalwa kusukela namhlanje ngehora lesi-20:00 ebusuku, kuya ngoLwesine mhlaka 10 September 2026, ngo-04:30 ekuseni. Izimoto zizosebenzisa umgwaqo u-N3 Westbound, bese zingena ku-M13 zidlule ku-M1 Richmond Road.

Ukuvalwa kwesibili kuzokwenzeka kusukela kusasa ngoLwesine mhlaka 10 September 2026 ngehora lesi-20:00 ebusuku kuya ngoLwesihlanu mhlaka 11 September 2026 ngo-04:30 ekuseni. Izimoto zizophambukiswa ngomgwaqo u-N3 Westbound, bese zijoyina u-M13 zidlula ku-M1 Richmond Road.

Ukuvalwa kwesithathu kusukela ngoLwesihlanu mhlaka 11 September 2026 ngo-20:00 ebusuku, kuya ngoMgqibelo mhlaka 12 September 2026, ngehora lesi-04:30 ekuseni. Ngezikhathi zokuvalwa komgwaqo, abashayeli kulindeleke ukuba baqhubeke nomgwaqo u-N3 Westbound bese bengena ku-M13 ngokusebenzisa u-M1 Richmond Road.

Abashayeli bayanxuswa ukuba balandele zonke izimpawu zomgwaqo zesikhashana kanye nemiyalelo abayiphiwa ngabasebenzi abalawula ezomgwaqo kuleyo ndawo.