KUYAQHUBEKA UKULUNGISWA KWENGQALASIZINDA YAMAMZI ETHEKWINI


UYAQHUBEKA umshikashika wokulungiswa kwengqalasizinda yamanzi kuMasipala waseThekwini. Kubalwa ukushintshwa kwamapayipi amakhulu asenyakatho naseningizimu yeTheku. 

Lokhu kuvezwe uSihlalo wekomiti lokuhweba kuMasipala weTheku uKhansela Mduduzi Nkosi namuhla, emcimbini iCommunity Engagement Outreach Event, emahhovisi woMnyango wezaManzi neNhlanzeko eThekwini. 

Ekhuluma uNkosi udalule ukuthi eminyakeni edlule uMnyango wezaManzi neNhlanzeko eThekwini ubudonsa kanzima. Ebalisa ngokuthi lo Mnyango ubushoda ngabatshali zimali, ukubhekana nokucekeleka phansi kwengqalasizinda ngenxa yezikhukhula nokukhula kwesidingo samanzi.

"Saqala umsebenzi  wokwakhiwa kwepayipi elikhulu laseningizimu yeTheku. Lo msebenzi ka-R1.2 billion oqhubekayo, uma usuphelile uzolekelela ukuthi abantu baseMlaza, Chatswort, Folweni, Shallcross Nsimbini nakwaMakhutha bakwazi ukuthola amanzi ngendlela efanele," kuchaza uNkosi.

Kuphinde kwavela ukuthi kukhona omunye umsebenzi oqhubekayo enyakatho neTheku. Lapho kwakhiwa kabusha  iNtuzuma Pumpstation 2 ne-Ogunjini Water Treatment.