KUYAQHUBEKA UKULUNGISWA KWENDAWO YOKUBHUKUDA ETHEKWINI



LINDOKUHLE NGCOBO 

UYAQHUBEKA umsebenzi wokulungisa kabusha kwendawo yokubhukuda, iKings Park Swimming Pool, eThekwini. Lokhu kuhlale obala ngesikhathi kunohambo lwabezindaba kule ndawo izolo. 

Uhlelo lokuvuselela le ndawo esezingeni lo mhlaba, libekelwe imali engu-R42 million. 

Obambe njengoMqondisi kuMnyango wezokuNgcebeleka  namaPaki kuMasipala weTheku, uDkt uZakhi Mkhize uthe le ndawo ifakwe ngaphansi kohlelo lokulungiswa ngokushesha ngemuva kokupheshukelwa uphahla ngoMay. Wathi lokho bekungabeka izimpilo zabantu engcupheni nokulimala kwengqalasizinda engaphakathi.

"Umsebenzi esiwenzile ubumayelana nokubuyisela uphahla, saphinda senza isipilingi. Lapho besikhipha amanzi angena kukhonkolo, sesiyawuqeda lo msebenzi obuphuthuma kodwa umsebenzi awumile ngoba vele indawo kumele igcine iphelele. Kufuneka sinake nezinye izinto ebezingeke zibulale abantu  kodwa ezizokwenza ukuthi indawo yokubhukuda iqhubeke nokusebenza kahle," kuchaza uDkt Mkhize.

 Uveza ukuthi  isigaba esilandelayo sizogxila ekuthuthukiseni le ndawo  ukuze iqhubeke nokuba sezingeni lo mhlaba. Kulindeleke ukuthi lo msebenzi uphothulwe ngoJuly 2026.