KUYAKHATHA UKUFA KWABANTU ABATHINTEKA EKUFENI KUKAMBENSE


Lindokuhle Ngcobo 

KUKHATHAZA amaphoyisa ukushona kwabantu, okusolakala ukuthi bayathinteka ekubulaweni kuka-Emmanuel Mbense.

 Kulandela ukuzibulala kukaWiandre Pretorius, ngempelasonto egaraji eliseBrakpan, e-East Rand, esifundazweni iGauteng phambi kwentombi yakhe eyiphoyisa uJuan-Mare Eksteen. Igama likaPretorius lavela kwiKhomishana kaJaji Madlanga, ngesikhathi kufakaza uMarius van der Merwe, obaziwa njengoFakazi D.

Kuvela ukuthi uPretorius ungumuntu wesine, oshone enolwazi mayelana nokubulawa kukaMbense.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthi abomthetho benza uphenyo mayelana nokubulawa kukaMbense, ngenhloso yokunqanda ukufa kwabathintekayo. Waveza ukuthi abomthetho bebephenya uPretorius, mayelana nokubulawa kuka Van der Merwe.  

 UVan der Merwe nguyena otshele ikhomishana ukuthi, uPretorius wayekhona ngesikhathi kubulawa uMbense ngonyaka ka 2022 eBrakpan. Isidumbu sikaMbese salahlwa edamini Ekurhuleni.

"Esikwaziyo ukuthi babengu 12 abantu ababekhona ngesikhathi kubulawa u-Emmanuel Mbense, kubo kubalwa amalungu oPhiko oluzimele lokuPhenya ngamaPhoyisa namaphoyisa kazwelonke.  UWiandre Pretorius ubengomunye wabebekhona kanjalo noFakazi D. Okusikhathazayo ukuthi kulaba bantu abangu 12, bangu 8 abasaphila," kusho uMathe.