KUYABHEDA ESHERWOOD KWABOKUFIKA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Sibi isimo eSherwood, eThekwini, lapho kuhlezi khona abantu baseMalawi abangaphezulu kuka-10 000.

Lokhu kuhlale obala ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli, evakashela le ndawo namhlanje. UNtuli uvumile ukuthi laba bantu baseMalawi bahlezi esimeni esingesihle, njengoba behlezi endaweni engaphandle.

UNtuli uthe okuhle abakwenzile ukuthi uma kukhishwa isimemezelo sokuthi abangenazo izincwadi kufanele babuyele emazweni abo ukuze bayolungisa izindaba zamaphepha, basukumile beza ngaphambili.

"Manje kufanele kubekhona ukubambisana ukuze lokho kwenzeke ngaphandle kokuthumela umyalezo omubi. Kulabo abagxeka kakhulu kuze kubonakale sengathi kukhona ukuhlaselana, sithi akukho ukuhlasela. Izigebengu kuphela okufanele ziboshwe ngamaphoyisa. Laba bantu sebeqalile ukuphazamisa, sebeqalile ukuzitapela ezitolo, sebenenzondo ebhekiswe kwabanye base-Afrika," kusho uNtuli.

Eqhuba utge uMnyango Wezasekhaya usaqala ukuhlola izincwadi zabo. Uma sekuqediwe ukuhlolwa, bazongena ohlwini lwabalindile futhi bazolungiselwa amabhasi azobabuyisela eMalawi.

Ugcizelele ukuthi ekugcineni laba bantu kumele bathathwe ngenhlonipho.