KUYABASHUBELA OMCHUNU noCEL3




SIZO BLOSE

UNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula usephumele obala ngokumbandakanye kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu nowayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ekusebenzisaneni  noVusi "Cat" Matlala othinteka ezenzweni zobugebengu.

Ekhuluma nabezindaba emzini kaMabuza oseMpumalanga, uMbalula uthe, lamalungu abo kuzomele avele kwi-Integrity Commission azoziphendulela.

 "Okuhle ukuthi usendleleni ebuyayo nomengameli wezwe,  futhi uthembisile ukulisingathi lolu daba," kusho uMbalula egcizelela ekutheni i-ANC beyingakohlangani ukuthi idingide lolu daba. Uthembise ukuthi izohlangana maduze futhi akukho abangeke bakuxoxe okumayelana nalolu daba.

UCele ungena kulolu daba nje iNews 24 ithole ukuthi yena ubehlala kwenye yezindlu zikanokusho zaCat Matlaba, osejele nokulindeleke ukuthi avele enkantolo kulelisonto. Ekhuluma esithangabini nabezindaba uKhomishina wamaPhoyisa eKZN, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi uthe kunosomabhizini abadila nezidakamizwa abasebenzisana nezikhulu eziphezulu kuhulumeni nasemaphoyiseni.

 Uthe uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMchunu unokuxhumana noMatlala. Kanti uMchunu usanda kukuphika ukuthi uyazana noMatlala.
UCele ngokweNews 24, kuvela ukuthi uvumile ukuthi ubehlala emzini kaCat Matlala