KUXWAYISWE UMPHAKATHI NGOKUNGCOLISA IMVELO
LINDOKUHLE NGCOBO
Umphakathi uxwayiswa ngokungcolisa imvelo emcimbini wokugubha uSuku Lwezemvelo Lomhlaba obanjelwe eKing Shaka Street, KwaDukuza namhlanje.
Ekhuluma emcimbini uSomlomo kaMasipala waKwaDukuza uKhansela Govidammal Govender ugcizelele ukubaluleka kokufundisa umphakathi ngezindaba zemvelo.
"Kubalulekile ukufundisa izingane zisencane ukuze zikhule zinolwazi lwemvelo futhi ziludlulisele nakubazali emakhaya. Ukuphathwa kabi kwemvelo kudala ukuguquguquka kwesimo sezulu, kulimaze imfuyo, izitshalo nosomabhizinisi," kusho uGovender.
Uqhube wathi umasipala uzoqhubeka nokubhekana nalabo abalahla udoti ezindaweni ezingekho emthethweni.
"Uma utholakala ulahla udoti endaweni engafanele, sizobhekana nawe. Nalabo abawasha izimoto emgwaqeni baphula umthetho, amaphoyisa azoqhubeka nokulungisa lesi simo," kubeka uGovender.
Lo mcimbi obubanjwe okwesithupha kulo nyaka, ubuhanjelwe ngabafundi abavela ezikoleni ezingu-11 nezinhlaka ezahlukene ezisebenza kwezemvelo namalungu omphakathi.