KUXWAYISWA NGAMABHUBESI OKUBONAKALE LAPHO EBEHAMBA KHONA


Lindokuhle Ngcobo 

KUXWAYISWA umphakathi wasePhalaborwa esifundazweni iLimpopo, ukuthi uqaphele, kulandela ukubonakala kwezinyatheliso zamabhubesi angu 4 kule ndawo. 

Lesi sexwayiso sikhishwe uMasipala iBa-Phalaborwa. UMasipala, ubikele uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, uKongiwa kweMvelo neZokuvakasha mayelana nokubonakala kwezinyatheliso.  UMnyango ube usukhipha ithimba lawo, ukuba lithungathe amabhubesi.  okwamanje uMnyango uqinisekise ukuthi awekho amabhubesi asatholakale.

UMasipala ucela  umphakathi ukuthi uqaphele uphinde uvikele imfuyo, kuze kuphothulwe ukuthungathwa kwala mabhubesi.