KUXWAYISWA INTSHA NGOBUGEBENGU NEZIDAKAMIZWA


 
LINDOKUHLE NGCOBO 

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNksz Mbali Shinga unxuse intsha yabafana ukuba igweme ukusebenzisa izidakamizwa, iphinde idlalele kude nokwenza ubugebengu. UShinga ubekhuluma emcimbini iSilwanetshe Boys Camp, eNquthu izolo. 

ISilwanetshe yasungulwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ngenhloso yokuqhakambisa umlando  nefagugu lendawo iSandlwana.

UShinga utshele intsha ukuthi ingabi yingxenye  yamaqembu yemigulukudu, elivamise ukuba khona ezindaweni eziningi. Wathi kuyathokozisa ukucabanga ukuthi imisebenzi efana nalena ingashintsha izimpilo zabantu abasha, izenze ngcono. 

"Ngicela ninganaki izimfundiso ezimbi, kunalokho nisebenzise wonke amathuba angcono enzakala ezimpilweni zenu. Sifuna lolu hlelo lunisize  nibe nekusasa eliqhakazile, likhiqize izifundiswa okubalwa othisha, odokotela, neminye imisebenzi," kubeka uShinga.

Kule khempu bekukhona abafana abangaphezulu kuka-350 abavela emikhandlwini yamaKhosi engu-19 engaphansi kaMasipala wesiFunda uMzinyathi. Lawa mabhungu athole ithuba lokufundiswa ngamasiko, ubuholi namakhono ayisidingo empilweni.