KUXWAYISWA ABAYOLOBOLA NGEMFUYO NGOBUNGOZI BAMATELE


Lindokuhle Ngcobo 

UKUHLASELA kwesifo samatele, kuholele ekutheni uNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Mntomuhle Khawula, ahole imvimbagwaqo ezimpambanweni zemigwaqo Eyami Neyakho, ngenhloso yokuqwashisa ngesifo samatele namuhla.

UKhawula unikeze abashayeli bezimoto ulwazi mayelana nokulawulwa kwesifo samatele nokuphathwa kwemfuyo okubalwa kuyo izimbuzi, izinkomo nezingulube.

Lo Ngqongqoshe uveze ukuthi amatele ahamba njengesifo iCovid19.

"Fuya nje, lapho ofuye khona wedwa musani ukudedela izinkomo zenu zibe omahlathini, nidedele izimbuzi zenu zibe omahlathini, asiqoqeni. Okukhulu kakhulu bakithi, anisavunyelwe phela ukuyolobola ngemfuyo engahloliwe, uMnyango wezeMfuyo, nokudayisa imfuyo engahloliwe," kubeka uKhawula.