KUXABENE UBENDLE EQENJINI LIKA VZ MAGWAZA
Lindokuhle Ngcobo
INGXOVANGXOVA eqenjini iNational Freedom Party (NFP) mayelana nesinqumo sokuphuma kuhulumeni wobumbano(GPU) KwaZulu-Natal (KZN).
Lokhu kuhlela obala namuhla esithangamini sabezindaba saleli qembu, ebesiholwa uSihlalo walo kuzwelonke uMnuz Sibusiso Mkhabela, e-Edward Hotel, eThekwini.
UMkhabela uthe iNFP isayingxenye kahulumeni wobumbano eKZN.
"Njengoba sincoma uhulumeni waKwaZulu-Natal, yingoba iNFP iyingxenye kahulumeni, onoNdunankulu phakathi, onoNgqongqoshe phakathi. Sakhe uhulumeni wokuthi abantu baKwaZulu-Natal bakwazi ukuthola intuthuko. Uma uqhela kulo hulumeni bazoyithola kanjani abantu intuthuko, " kuchaza uMkhabela.
UMkhabela ukhulume kanje nje, ngesonto eledlule uMengameli weNFP uMnuz Ivan Barnes umemezele ukuthi leli qembu selithathe isinqumo sokuhoxa kuhulumeni waseKZN.
Waphinde(UBarnes) wamemezela ukuthi iqembu selikhethe ukumisa uSihlalo walo eKZN, uNksz Mbali Shinga, onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi eKZN.
Ngesikhathi kuqhubeka isingathami sabezindaba kwelinye igumbi elikhona, e-Edward Hotel, uBarnes ubehola isigcawu sokuqondiswa kobugwegwe uShinga. Ngaphandle kwalelo hhotela, bekukhona abalandeli beNFP abeseka uShinga.