KUWABHEDELILE AWASE KZN KWI MTN 8
Izinto azihambanga kahle kuma qembu ase KZN abenesifiso sokudla umhlanganiso kowe MTN 8 Cup.
Umdlalo wokuqala benkungowe Stellenbosch FC ebeyidlala namaZulu FC. Izinga lalo mdlalo beliphezulu kakhulu.
AmaZulu iwona alibeke enethini kuqala. Kodwa isheshe yaphendula iStellies kwaba u1-1.
Kuhambe isikhathi sabuya iStellies kwaba ngu 2-1. AmaZulu awazibekanga phansi agcina elitholile elokulinganisa kwaba u2-2. Lomdlalo uphele zibambene ngawo u2-2.
Kube sekuyiwa esikhathinini esengeziwe. Ilibeke phakathi iStellies, umdlalo wagcina uphela kungu 3-2.
Elinye iqembu lase KZN elishaye udaka kulomncintiswano kube iRichards Bay ebeyidlala neMamelodi Sundowns, akuphelanga sikhathi esingakanani yalibeka enethini iSundowns.
Ingcindezi yeSundowns iholele ekutheni iRichards Bay izishayele lona igoli, okwenze iSundowns ihambe phambili ngo 2-0. Iphinde yabuya namagoli amabili ngaphezulu. Umdlalo ugcine uphela ngo 4-0.
AmaSemi Final azodlalwa kabili, ekhaya nasekuhambeni. Amaqembu azoncintisana i-Orlando Pirates ezodlala neSundowns. Umdlalo wokuqala uzokuba e-Orlando Stadium.
Enye iSemi Final kuzodlala iSekhukhuni neStellenbosch.