KUVELE AMANYE AMACALA OKUBULALA BEBOSHWA
Lindokuhle Ngcobo
KUBANJWE umsolwa obefunelwa amacala okubulala amabili, okukholakala ukuthi uwenze ngoJuly 2025, endaweni yaseCrossmoor, eChatsworth.
Lo msolwa ubalwa nabanye abasolwa abane ababoshwe ngamaphoyisa izolo, ngecala lokubulala owesilisa oneminyaka engu 20 ubudala. Umufi udutshulwe wabulawa ngoMsombuluko endaweni yase 1104, eChatsworth.
Okhulumele amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uColonel Robert Netshiunda uthi abasolwa batholakale nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu 8.
"Uphenyo luveza ukuthi omunye wabasolwa ubesohlwini lwamaphoyisa, efunelwa amacala okubulala amabili, awenze ngoJuly 2025 eCrossmoor, eChatsworth," kuchaza uNetshiunda.
Kulindeleke ukuthi abasolwa abaphakathi kweminyaka engu 29 kuya kwengu 35 ubudala, bavele enkantolo yeMantshi kusasa mhlaka 15 January 2026.