KUVELA UMSOLWA WESIBILI KWELOKUBULAWA KUKA DJ WARRAS


Sizwe Blose 

Kuzovela umsolwa wesibili osolwa ngokubulala umethuli wezinhlelo odumile, uDJ Warras. 

Lomsolwa  ovela namhlanje, kuvela ukuthi ungowase Mozambique kanti uphinde asolwe ngokuthi uyena kanye owadubula uDJ Warras ngoDecember 16, 2024.

Owoqala owabanjwa mayelana naleli cala kwaba uVictor Majola, osagqigqa inkantolo. UMajola kusandwa kuchithwa isicelo sakhe sebheyili.

Ukufa kuka DJ Warras kuyamaniswa nokuqhwagwa kwamafulethi eGoli. Ngeke kube isikhathi eside ukuvela kwalomsolwa wesibili namhlanje. Uzobe ezobingelela  inkantolo nje.