KUVELA UKUTHI IBMW BEYIFAKE IZINOMBOLO ZOMKOKOTHELO
AMAPHOYISA KwaZulu-Natal aveze ukuthi imoto yohlobo lweBMW ibifakwe izinombolo okungezona ezayo. Le moto ibihamba abasolwa abathathu, kubo kuboshwe oyedwa kwafa ababili egaraji eliseWestville, eThekwini.
Kuvela ukuthi umsolwa oyedwa utholakale emotweni eshonile enamanxeba okudutshulwa, omunye umsolwa ushone ngemuva kokujomba ubonda olude, ethi uzama ukubalekela abomthetho. Kwathi umshayeli wemoto waboshwa ngamaphoyisa. Abasolwa bebejahwa onogada abazimele, abasusene nabo(onogada) emgwaqeni uM19. Ezingaqinisekisiwe zithi abasolwa bayathinteka emacaleni okubamba abantu inkunzi emshinini wemali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthi abakwasidlodlo basaphenya mayelana nalesi sigameko esenzeke eWestville.
"Okwamanje amaphoyisa asathole ukuthi imoto yohlobo lweBMW ibifake izinombolo okungezona ezayo. Kutholakale izibhamu ezimbili ngaphaka emotweni iBMW," kusho uNetshiunda.