KUVELA UCHWEPHESHE WEZIKHALI PHAMBI KUKA JAJI MADLANGA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Namuhla kulindeleke ukuthi kufakaze uchwepheshe wezikhali eziqhumayo nezinhlamvu  kwiKhomishana kaJaji Madlanga, eBrigitte Mabandla Justice College,  ePitoli. 

Lo fakazi kubhekwe ukuthi ethule ubufakazi mayelana nokubulawa kukaNjiniyela waseVereeniging  u-Armand Swart. Kukholakala ukuthi kunesandla semfene kuleli cala, elenzeke ngo-April 17, 2024.

 Lokhu kulandela ubufakazi, okwethule ufakazi B, ushiye abaningi bebambe ongazansi, ngesikhathi eveza ukukhathazeka mayelana nesinqumo sePhini likaSihlalo wamaJaji  u-Aubrey  Ledwaba lokukhulula uKatiso "KT" Molefe ngebheyili. 

Le Khomishana ephenya ngokulawulwa kwamaphoyisa nokugxabukela kosopolitiki emacaleni obugebengu abucayi, isazoqhubeka nokubiza ofakazi kuze kuphele leli sonto.