KUVELA OSOLWA NGOKUBULALA UDJ WARRAS


Uyavela namhlanje uVictor Majola osolwa ngokudubula abulale usaziwayo wakuleli, uDJ Warras ngoDecember 16. 

UMajola ukhala ngokuthi wathola esikhulu isibhaxu emaphoyiseni ngesikhathi ezombopha.

Namhlanje kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyile njengoba ebesagqunywe ejele. Kuke kwavela ukuthi umbulali kaDJ Warras wayenze amadread lock.

Abantu basalindile ukuthi uvela nini lo owayenze ama dread ngoba kuthiwa kubonakala yena kuma camera.