KUTHUNGATHWA UMSOLWA ONGAPHANDLE NGEBHEYILI



LINDOKUHLE NGCOBO 

AMAPHOYISA acela usizo  emphakathini ukuba afuniswe umsolwa wesilisa oneminyaka engu-20 ubudala. 

UZethembe Joyful Mzulwini owaziwa ngo "Zwe" waseMpusheni eFolweni eningizimu yeTheku. Kuvela ukuthi ngoJanuary 2025 lo msolwa waboshelwa ukutholakala nesibhamu  esingekho emthethweni nezinhlamvu. Wabe(uZethembe) esethola ibheyili, ngemuva kwalokho akabange esabuyela enkantolo. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo udalule ukuthi ngesikhathi lo msolwa engaphandle ngebheyili, kusolakala ukuthi ubulale izelamani ezimbili  zisekhaya lazo endaweni yaseMpusheni ngomhlaka 28 April 2025.

"Ngomhlaka 5 May 2025, iNkantolo yeMantshi yaseNsimbini yabe isikhiphe incwadi yokuthi lo msolwa aboshwe. Siyacela nanoma ubani ongabanolwazi lokuthi ukuphi lona wesilisa, axhumane  noDetective Constable Khuzwayo kunombolo ethi  082 3348 323  noma asebenzisa inamba yamaphoyisa ethi-08600 10111, engasebenzisa i-App yamaphoyisa ebizwa ngeMySAPS," kubeka uNgcobo.