KUTHUNGATHWA UMFUNDI OLAHLEKILE


AMAPHOYISA aseReitz, eFree State anxusa umphakathi ukuba usize kutholakale umfundi wesifazane olahlekile.

UThembisile Christian Mgcibo oneminyaka engu 20 ubudala, udume ngelika  'Pepapepa' ngowasePetsana, eduze kwaseReitz. Kuvela ukuthi ugcine ukubonakala ngomhlaka 7 March 2026, ngesikhathi ephuma ekhaya kubo egqoke umfaniswano wesikole,  ebheke eKgotso-Uxolo Secondary School.

Nokho lo mfundi akabange esabuyela ekhaya.  Uhambe egqoke isikethi esi-grey, ihembe elimhlophe  nezicathulo ezimnyama.

Noma ubani onolwazi mayelana nokuthi ukuphi angathintana noDetective Captain Mathoka ku 082 419 6599 noma kuCrimeStop ku 08600 10111.