KUTHUNGATHWA IZISULU ZENGOZI EYENZEKE KWASWAYIMANE




LINDOKUHLE NGCOBO 

AMAPHOYISA asebenzisa indiza enophephela emhlane ukufuna abantu abagingqike nemoto endaweni yakwaSwayimane, izolo.   

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma usekuqinisekisile ukwenzeka  kwale ngozi, wadalula ukuthi okwamanje alukabi bikho ulwazi olugcwele ngesimo nangesibalo sabantu abakule ngozi. Wathi imoto ebishayelwa ngumuntu wesifazane ngesikhathi iphoseka eweni.

"Nginomsebenzi wokuthi kumele ngihlangane nemindeni nomakhelwane. Okubalulekile ukuthi amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo  basathungatha imoto nabagibeli," kuchaza uDuma.