KUTHUNGATHWA INDODA ENA 30 ELAHLEKILE


LINDOKUHLE NGCOBO 

Amaphoyisa aseThohoyandou athungatha owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala, uMnuz Lebogang Michael Mafaisa, olahleke kubo eMiluwani Village, eThohoyandou. Ngokusho kukanina, uMafaisa uhambe kubo mhlaka 31 August 2026 ngehora lesi-16:30, wathi uya ePolokwane lapho athole khona umsebenzi esitolo esithile. Nokho, akakaze axhumane nomndeni wakhe selokhu ahamba, kanti akatholakali nakumakhalekhukhwini wakhe njengoba ucishile.

Ngesikhathi ehamba kubo, uMafaisa ubegqoke ibhulukwe elimnyama, isikibha esimnyama esinemishwana emhlophe, namaguzu amnyama. Ubephethe nebhokisi lezimpahla elimnyama.

Abomthetho banxusa noma ubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi uMafaisa ukuba axhumane nomphenyi wecala, uSergeant Rembuluwani Nekhavhambe kule nombolo: 071 511 1213, noma abike esiteshini samaphoyisa esiseduze. Ulwazi lungabikwa futhi ku-Crime Stop ku-08600 10111 noma ku-#MySAPSApp.