KUTHUNGATHWA ABASOLWA NGOKUBULALA UMMELI EGOLI


AMAPHOYISA aseGauteng athungatha abasolwa ababili, abathinteka ecaleni lokudutshulwa kubulawe ummeli wesifazane.

UChinette Gallichan obeneminyaka engu 35 ubudala, udutshulwe  ngaphandle kwasemahhovisi aseCCMA, eGoli izolo. Kuvela ukuthi ubehla emotweni yakhe(Gallichan), ngesikhathi ehlaselwa umlisa, ovele wavulela ngezulu lezandla ebhekise kumufu maqede wabaleka ngemoto(umlisa).

UGallichan ubeyomela inkampani yasezimayini iSibanye-Stillwater edilize abasebenzi. Kukholakala ukuthi abasolwa bebevele bemlandela uGallichan ngaphambi kokuba bamdubule.

Okhulumela amaphoyisa eGauteng uTintswalo Sibeko  uthi banxusa noma ubani onolwazi olungasiza uphenyo lwamaphoyisa mayelana naleli cala, ukuba axhumana nesiteshi samaphoyisa esiduze noma ashayele ku 08600 10111.

"Ayikaziwa imbangela yokuhlaselwa kukamufi. Okwamanje akekho osaboshiwe mayelana naleli cala. Amaphoyisa asaqhuba uphenyo mayelana necala lokubulala," kuchaza uSibeko.