KUTHUNGATHWA ABASOLWA NGOKUBULALA ABANGU 8 EKAPA
Lindokuhle Ngcobo
AMAPHOYISA asePhilippi East, athungatha abasolwa abathathu, ngecala lokudubula bebulale abantu abangu 8 ethaveni yasePhilippi East.
Kuvela ukuthi kukhona esinye isisulu esisathola ukwelashwa esibhedlela, ngemuva kokudubuleka.
UKhomishana wamaPhoyisa waseWestern Cape uLieutenant General Thembisile Patekile, udalule ukuthi lesi sigameko senzeke phakathi kwamabili. Wathi kukholakala ukuthi sihlobene nokuphangwa kwamabhizinisi.
"Amaphoyisa aseqalile ukufuna abesilisa abathathu okukholakala ukuthi ibona abenzi bokubi," kubeka Patekile.