KUTHUNGATHWA ABASOLWA ABABULELE ABAHLANU EKAPA
LINDOKUHLE NGCOBO
Amaphoyisa aseKapa athungatha abasolwa, ngemuva kokuba kudutshulwe kubulawe abantu abahlanu eGugulethu, eKapa namhlanje.
Ngokusho kwabomthetho, abasolwa ababili ebebehlomile bangene ngesankahlu endlini, bafuna isibhamu ngenkani kubantu ebebephakathi endlini. Ngemuva kwalokho, bavulele ngenhlamvu badubula abantu abayisithupha ebebehlezi kuleyo ndlu, base bebaleka(abasolwa) ngezinyawo.
Okhulumela amaphoyisa eKapa, uColonel André Traut, uthi ngesikhathi abakwasidlodlo befika endaweni yesigameko, bathole izidumbu zabantu abane besilisa nowesifazane oyedwa zinamanxeba amaningi ezinhlamvu.
"Izisulu zalesi sigameko ezishonile zineminyaka ephakathi kwengu-19 nengu-23 ubudala. Omunye wesifazane oneminyaka engu-20 ubudala, usindele, wase ephuthunyiswa esibhedlela esiseduze ukuze athole ukwelashwa okuphuthumayo," kusho uTraut.
Ephetha uqinisekisile ukuthi amaphoyisa ophiko lwe-Provincial Serious and Violent Crime Unit aseqalile ukuphenya leli cala lokubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.