KUTHUNGATHWA ABANE ABAMUKE NOMFULA EMSINGA




KUFUNWA abantu abane abamuke nomfula bezama ukuwela ibhuloho Infenebude, eMabomvini, eMsinga. Lokhu kuza ngemuva kokutholakala kwezidumbu ezimbili kuwo lo mfula namuhla.

 Kuvela ukuthi imoto ebithwele abantu abangu 8, ikhukhulwe ngamanzi ngesikhathi izama ukuwela ibhuloho Infenebude ngehora lesi 19h00 izolo. Nokho abantu ababili bakwazile ukuphuma emotweni babalekela endaweni ephephile. Ngeshwa abangu 6 bamuka nomfula. 


UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usedlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe izihlobo zayo. Wadalula ukuthi ithimba elibhekelele izinhlekelele ngokubambisana noPhiko lwamaPhoyisa lokuhlenga basathungatha abangakatholakali.

"Sinxusa abashayeli ukuthi bagweme ukuwela amabhuholo aphansi uma ngabe imvula ina," kubeka uMfu Buthelezi.