KUTHUNGATHWA ABABULELE ABABILI BALIMAZA ABANGU-7


AMAPHOYISA afuna uthuli abesilisa ababili, abasolwa ngokudubula babulale abantu ababili baphinde balimaza kabi abangu-7 emgwaqeni uMajor Calvert,  eWentworth eningizimu yeTheku namuhla.

Kuvela ukuthi abagilwa esingakaqinisekiswa isibalo sabo bebehlezi ngaphandle kwendlu ngesikhathi kuqhamuka imoto yohlobo lweMazda 3, kuyo okwehle abelisa ababili bavulela ngezulu lezandla bebhekise kubagilwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa athungatha abasolwa abadubule abantu ababili balimaza abangu-7, abangeniswe esibhedlela.

"Kufe nenja ngesikhathi kuqhubeka lesi sigameko. Abagilwa abaphakathi kweminyaka engu-15 kuya kwengu-22 ubudala. Okwamanje ayikaziwa imbangela yokudutshulwa kwabagilwa nakuba kungeke kushiywe ngaphandle umbango wezidakamizwa," kuchaza uNetshiunda.