KUTHUNGATHWA ABABULALI ELIMPOPO
LINDOKUHLE NGCOBO
UKHOMISHANA wamaphoyisa aseLimpopo uLieutenant General Thembi Hadebe useqale uphenyo lokuthungatha ababulali, kulandela ukwanda kwezigameko zokudutshulwa kwabantu eLimpopo.
Lokhu kubalwa isigameko sakamuva esenzeke eWestenburg ngaphandle kwasePolokwane ngoLwesibili, lapho kudutshulwe kwabulawa abasilisa ababili abangaziwa, abalinganiselwa phakathi kweminyaka engu-30 kuya kwengu-40 ubudala.
Kuvela ukuthi bobabili abagilwa batholakale benamanxeba okudutshulwa, omunye eboshwe izandla. Abakwasidlodlo bathole amagobolondo ezinhlamvu, ijezi nemali endaweni yesigameko.
ULieutenant General Hadebe uthi amacala okubulawa kwabantu aphenywa uphiko lweProvincial Murder neRobbery Unit ukuze kuqinisekiswe ukuthi aphenywa ngokusezingeni eliphezulu.
"Sicela noma ngabe ubani ongabanolwazi olungasiza ukukhomba izidumbu noma ukuthola abenzi bobubi axhumane noWarrant Officer Phaladi Makola kunombolo ethi 082 749 2233 noma uColonel Richard Boshokane kunombolo ethi 079 894 5501. Ulwazi lungafakwa kunombolo yokunqanda ubugebengu ethi 08600 10111," esho.